
Ukwethulwa KweNcwadi Ngaphansi Kwesihloko Esithi - A Frank and Hard-Hitting Reflection on Transformation and Leadership in South Africa’s New Dispensation
Click here for English version
Leadership for Transformation Since the Dawn of South Africa’s Democracy: An Insider’s View - Le ndatshana ilandisa ngesipiliyoni salowo owayeyiSekela likaShansela weNyuvesi yaKwaZulu-Natali, uSolwazi Malegapuru Makgoba.
Le ncwadi yethulwe ekhempasini yase-UKZN eHoward College ngomhla ziyisi-8 kuLwezi wezi-2023.
Kusukela ngesikhathi selokhu uMakgoba abuyela eNingizimu Afrika eminyakeni engama-29 ngemuva kokuba phesheya iminyaka engu-13, le ncwadi iyindaba yesipiliyoni sakhe kanye nokucubungula uguquko, ubuholi kanye namaqembu. ‘Uguquko alubibikho ngaphandle kwezinhlungu’, kusho uMakgoba ngesikhathi egqamisa amaphuzu abalulekile encwadini yakhe yesibili okuhlanganisa nombono olinganiselayo kodwa kwesinye isikhathi ohlabayo walabo ababengoMengameli baseNingizimu Afrika okuhlanganisa no-Nelson Mandela (abamncoma njengomholi oqotho owayefuna ukuba izwe libuyisane) kanye noThabo Mbeki (athi waguqula izwe kodwa ‘wayenamaphutha okungaboni maqondana neZimbabwe, ingculazi kanye nokufuna ukuba yonke indawo’). Engena ngesikhathi sokubusa kukaJacob Zuma, umbize ‘njengosaziwayo nothandwa kakhulu’ - wamfanisa neculo lika-Roberta Flack elashisa izikhotha elithi - Killing me softly. Ekugcineni ujikise amehlo wawaphosa ku-Cyril Ramaphosa nobizwa yindodakazi kaMakgoba ‘njengomholi ozibayo noma onezaba eziningi’ owenza izethembiso eziningi angazifezi.
Incwadi kaMakgoba ibeka amanyuvesi amabili abesebenza kuwo ngaphansi kwezipopolo. INyuvesi yaseWitwatersrand (lapho inqubo yoguquko ‘yachithwa’) kanye neNyuvesi yaKwaZulu-Natali (lapho aqinisa khona noma yini ayeyenza ekuphumeleleni kwezemfundo ngesikhathi ethatha ngodli i-ajenda yezinguquko).
Uqeqeshwe njengesazi sebhayoloji, ubuze imibuzo kwizithameli ezihlanganisa nezishoshovu zabafundi. Wathi, ‘Akudingeki uze ube usopolitiki ukuze ube negalelo elibonakalayo ekuguquleni izwe lakho. Nonke nithatha izikhala zendlela eyodwa noma enye - sebenzisani leso sikhala!’
Weluleka abafundi ukuthi babhale phansi imicabango yabo futhi wagcizelela ukuthi incwadi yakhe ayisona isixazululo esiphelele, kodwa umbono wesixazululo: ‘Ngiyibhalile le ncwadi. Angisho ukuthi iyimpendulo ezinkingeni zaseNingizimu Afrika ngoba angiyena uJesu Kristu - nginguMakgoba nje.’
Imibono ngale ncwadi ihlanganisa ukubuyekezwa kukaDkt Thami Mazwai, owayeyintatheli, eyayiyisishoshovu esasilwa nobandlululo futhi owayenguKhomishana Wokuhlela Kazwelonke: 'UMalegapuru Makgoba ukhuluma nathi sonke njengoba elandela izinyathelo zeminyaka engama-29 edlule - ikakhulukazi kwezempilo nezemfundo. Lokhu kokubili kuhlanganisa isisekelo sekusasa lethu.
‘Nakuba lena kuyincwadi yomlando wakhe, kusukela emazingeni akhe aphansi kuya empilweni yobuNgcweti, ukusebenzelana kwakhe noMengameli abane asebenze nabo kuphakamisa ukuthi sibhekisise ukuthi sikhetha kanjani ubuholi bethu. Ukulandisa kwakhe okuhlaziyayo kubuza ukuthi iziqubulo zangonyaka we-1994 ezifana ne-Batho Pele nezinye ziyiziphetho zangempela esizifisayo noma izitatimende nje ezenziwayo.’
IPhini leSekela likaShansela kanye neNhloko yeKolishi Lezoluntu, uSolwazi Nhlanhla Mkhize, ubonge iqhaza likaMakgoba ekwengameleni ukuhlanganiswa nokuhola uhlelo lwezinguquko eNyuvesi futhi wathi le ncwadi ‘iyithuluzi elibalulekile’ lenguquko nobuholi.
Uthisha wezeSayensi yezombangazwe, uDkt Dorcas Ettang, kanye nalowo ongumfundi we-wezinga le-masters, uNksz Nthatuwa Leeke, bebeyingxenye yethimba futhi baphakamise amaphuzu ashukumisa ingqondo ngobuholi e-Afrika kanye nezimfanelo zabaholi abaphumelelayo. USolwazi Simangaliso Kumalo ubengumqondisi wohlelo kulo mcimbi obuhanjelwe ngabaholi bakudala bale Nyuvesi, abasebenzi kanye nabafundi bakhona. Ezokuzijabulisa kuhlinzekwe yingcweti yeCiko lezinsimbi zomdabu, uZawadi Yamungu.
Umshicileli wale ncwadi uDkt Mothobi Mutloatse (we-Skotaville Publishers) ugqugquzele abebehambele lo mcimbi ukuthi bafunde le ncwadi bejulile ukuze bezokwazi ukuthi noma bekhuluma bezokhuluma ngokuzethemba nangokuqinisekisa.
Incwadi iyatholakala kwa Exclusive Books nakwa- Loot.
Ukuze ubuke ukwethulwa kwale ncwadi, chofoza lapha: here.
Umbhalo: Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: nguSethu Dlamini